Jump to content

IRoma

Kubuya ku Wikipedia
iRoma
Isiphephezeli esiyiGonfalon
Isiphephezeli esiJwayelekile
Inkundla Colosseo
Umthombo Trevi
Inqaba yeNgilosi eNgcwele
Isikhumbuzo sikaVittorio Emmanuel II
iBhasilika Pantheon

Ibalazwe
Iziteketiso isiHlalo sikaNgcwele Petru

isiDlavela esiNgunaphakad isiQonga soMhlaba

Indawo
Izwe iTaliya
Isifundazwe Lazio
Isidlavela iRoma
Umlando
Umsunguli iNkosi uRomulus (21 kaMbasa 735 BC)
Umhlaba
Ubungakho bendawo 1,287.36 km2
Ukuphakama 21m ngaphezu kolwandle
Umnotho
Umkhiqizo Izigidigidi ezingama-201.290 EUR
Umkhiqizo okomuntu €47,665
Abantu
Inani 2,745,062

iRoma iyisiqonga kanye nedolobhankulu yaseTaliya. Iyinkaba yophathahlelo yesifundazwe saseLazio. Inenani labantu abayizigidi ezi-2.7. Inobungakho bendawo obu-1,287.36km2. Ngenani labantu, iRoma ingelesithathu oBumbanweni waseYurophu. Indawo ezungeze iRoma eduze inenani yabantu eyizigidi ezi-4.2 kodwa kukhona izindawo ezimbili zezidlavela ezakhiwe ezinenani labantu elingaphezu kwendawo ezungeze iRoma. iRoma ilele ngasempakathi-ntshonalanga kwenhlonhlo yaseTaliya esigodini seTiber. Imfula Tiber igeleza kulesidlavela. uMuzi waseVatikano - izwe elincane kuwonke amazwe omhlaba kanye nendlunkulu yeSonto lamaKatolika - ilele enkabini endala yeRoma. iRoma iyinye yezimbeleko zompucuko waseNtshonalanga kanye usiko lobuKristu baseNtshonalanga. iRoma iqukatha amagquma ayisikhombisa adumile.


Umlando weRoma uqukatha amakhuluminyaka angama-28. Ngokwezinganekwane zaseRoma, iRoma isungulwe nge-753 ngaphambi kwenkathi ejwayelekile kodwa ngokwenzululwazi isizinda lapho iRoma ikhona kwakuhlala abantu iminyaka emide kakhulu. Lokhu kuchaza ukuthi iRoma yindawo lapho abantu behlezi izinkulungwane ezintathu zeminyaka futhi ingumkhuluwa wemizi yaseYurophu. Abahlali beRoma bebangamaLatini, ama-Etrusci kanye namaSabini. Ngokuhamba kwesikhathi iRoma iphenduke isiqonga soMbuso waseRoma, iRiphabhuliki yaseRoma kanye noMbusokazi waseRoma.

Ngasemuva kokuthi uMbusokazi waseRoma ngasentshonalanga (uphawu lokuqala kweNkathi yangaPhakathi eYurophu), iRoma yawela ngaphansi kaboPapa. Kusukela ikhuluminyaka yesi-8 kufika kowe-1870, iRoma yayisiqonga samaZwe kaPapa. Ekuqaleni kwe-Rinasciamento (iNkathi yeMvuselelo), aboPapa bonke kusukela uNicholas V (owayesikhundleni kusukela 1447 ku-1455), baqhube uhlelo womklamozakhiwo nohlelomuzi ohlose ukwenza iRoma inkaba eqhakanjisiwe yobuciko nosiko emhlabeni wonke. Kulokhu, iRoma yaba yinye yezindawo zokuqala zeRinasciamento eyazala izindikimba zomklamozakhiwo zeBaroque neNeoclassicismo. Abosociko, abadwebi, abaklami abadumile eYurophu bazinzile iningi lesikhathi sokusebenza sabo eRoma. Nge-1871, iRoma iphenduke isiqonga soMbuso waseTaliya bese yalendelwa iRiphabhuliki yaseTaliya. nge-1960, yamkele umdlalo wamaOlympics wasebuHlobo.

Ngezi-2019, iRoma yayingele-14 lezidlavela ezihanjelwa kakhulu emhlabeni wonke, lokhu kuchaza ukuthi yayingelesithathu sezidlavela zoBumbano waseYurophu ngenani labahambeli. iRoma ihanjelwe abantu abayizigidi ezi-8.6. Inkaba endala yayo isohlwini le-UNESCO leziZinda zeFagugu zoMhlaba. iRoma iyisihlalo sezimpiko ezimbalwa zeZizwe eziHlangene isb. iNhlangano yokuDla nezoLimo, uHlelo loMhlaba lokuDla, isiKhwama samaZwe seNtuthuko okwezoLimo. iRoma iyisihlalo seHhovisi yesiHlalo sesiGungu samaPhalamende woBumbano weMediteriniyamu. Izinkampani ezimbalwa zomhlaba ezivela eTaliya zihleli eRoma, isb.: Eni, Enel, TIM, Leonard kanye namabhange njenge-BNL. iRoma iyinkaba yobucikozimpahla kanye namafilimu futhi amafilimu aklonyiswe ngomKlamo we-Academy athwetshulwe lana.